2 AmaKhosi 5:1 - Compare All Versions

2 AmaKhosi 5:1 ZUL20 (IsiZulu 2020)

UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.

2 AmaKhosi 5:1 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i-Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.

2 AmaKhosi 5:1 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

UNahamani induna yempi yenkosi yase-Aramu wayengumuntu omkhulu enkosini yakhe nodumo, ngokuba ngaye uJehova wanikela kuma-Aramu; naye wayeyiqhawe elinesibindi, kodwa enochoko.