2 uSamuweli 11:2-3
2 uSamuweli 11:2-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka. UDavide wathuma wabuza ngalowo wesifazane. Omunye wathi: “Lowo akasiye uBati Sheba yini, indodakazi ka-Eliyamu, umka-Uriya umHeti, na?”
2 uSamuweli 11:2-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwakungesikhathi sakusihlwa lapho uDavide evuka embhedeni, wayesehamba ophahleni lwesigodlo sakhe. Wabona owesifazane egeza, lo wesifazane wayemuhle ngokwedlulele, ebukeka kahle. UDavide wathumela, wabuza ngalo wesifazane, wathi: “Lo akusiye yini uBhathisheba, indodakazi ka-Eliyamu ongumka-Uriya, umHithi na?”
2 uSamuweli 11:2-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka. UDavide wayesethumela wabuza kowesifazane. Omunye wathi: “Lo akasiye uBati Sheba indodakazi ka-Eliyamu umka-Uriya umHeti na?