2 uSamuweli 18:31-33
2 uSamuweli 18:31-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bheka, kwase kufika umKhushe, wathi: “Ngilethe izindaba ezinhle enkosini, inkosi yami. USimakade ukuphindiselele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.” Inkosi yathi kumKhushe: “Kuhamba kahle yini ngensizwa u-Absalomu,na?” UmKhushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abayivukelayo mababe njengaleyo nsizwa.” Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hawu ngendodana yami, u-Absalomu, ndodana yami, ndodana yami Absalomu! Sengathi ngabe kufe mina esikhundleni sakho, Absalomu, ndodana yami, ndodana yami!”
2 uSamuweli 18:31-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: “Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.” Inkosi yathi kumKushe: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?” UmKushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza mababe njengaleyo nsizwa.” Yayisidabuka kakhulu inkosi, yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”
2 uSamuweli 18:31-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, kwafika uKusi; uKushi wathi: “Thumela, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo. Inkosi yathi kuKushi: “Ingabe insizwa u-Abisalomu iphephile na?” UKusi waphendula wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abakuvukelayo ukukulimaza, makube njengaleyo nsizwa; Inkosi yathukuthela kakhulu, yakhuphukela ekamelweni elibhekene nesango, yakhala; wahamba, wathi: “Ndodana yami Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami Abisalomu! Sengathi ngafela wena, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!