IzEnzo 4:16-20
IzEnzo 4:16-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
bethi: “Sizakwenzani ngalaba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJesuralema ukuthi yibona abenze isibonakaliso esikhulu esingenakho ukusiphika. Kodwa ukuze lokhu kungandi phakathi kwabantu, masibadonse ngendlebe, ukuthi bangalokothi baliphathe lelo gama kunoma ngubani.” Base bebabiza, babadonsa ngendlebe ukuba bangakhulumi, futhi bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. Kepha uPhethro noJohane babaphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”
IzEnzo 4:16-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
bathi: “Sizakubenzani laba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo, asinakukuphika. Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu, asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.” Base bebabiza, babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”
IzEnzo 4:16-20 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
besithi: Sizakwenzani kulababantu? Ngokuba isibonakaliso esiphawulekayo senziwe yibo kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema; futhi ngeke sikuphike. Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo. Base bababiza, babayala ukuthi bangakhulumi nakanye, bangafundisi ngegama likaJesu. Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Yahlulelani nina ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu. Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.
IzEnzo 4:16-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Besithi: Sizakwenzani kulababantu? Ngokuba isibonakaliso esiphawulekayo senziwe yibo kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema; futhi ngeke sikuphike. Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo. Base bababiza, babayala ukuthi bangakhulumi nakanye, bangafundisi ngegama likaJesu. Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Yahlulelani nina ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu. Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.