IzEnzo 8:26-35
IzEnzo 8:26-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehla eGaza, eyihlane. Wasesukuma wahamba; khangela-ke, indoda yeEtiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe indlovukazi yamaEtiyopiya, eyayiphethe yonke inotho yayo, eyayize eJerusalema ukukhuleka; Wayesebuya ehlezi enqoleni yakhe efunda umprofethi u-Isaya. UMoya wayesethi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kule nqola; UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na? Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo. Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe; Ekuthotshisweni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa; njalo ngubani ongalandisa ngesizukulwana sakhe? ngoba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni. Umthenwa waphendula uFiliphu, wathi: “Ngiyakuncenga, umprofethi ukhuluma lokhu ngobani na? ngaye, noma ngomunye umuntu na? UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu.
IzEnzo 8:26-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu, endleleni ephuma eJerusalema yehlele eGaza, le ndawo iyihlane.” Wasuka-ke wahamba. Wase ebona indoda yase-Etopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe, indlovukazi yase-Etopiya, eyayengamele yonke ingcebo yendlovukazi. Yayikade ize eJerusalema ukuzokhuleka. Isibuyela emuva, yayihleli enqoleni yayo, ifunda umphrofethi u-Izaya. UMoya wathi kuFiliphu. “Sondela, uhambisane nale nqola.” UFiliphu wagijima wasondela kuyo, wayizwa ifunda umphrofethi u-Izaya, wayesethi kuyo: “Uyakuqonda yini lokho okufundayo na?” Yona yathi: “Ngingakuqonda kanjani, uma kungekho ongichasisela khona?” Yayisimnxusa uFiliphu ukuba agibele enqoleni ahlale nayo. Kepha isahlukwana sombhalo eyayisifunda yilesi esithi: “Njengewundlu liyiswa ekuhlatshweni, nanjengemvu ithule phambi komgundi wayo, akawuvulanga umlomo wakhe. Ekudunyazweni kwayo, ukwehlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani oyakulanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” Umthenwa wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umphrofethi ukukhuluma ngobani lokhu? Ngabe uzisho yena noma ukhuluma ngomunye na?” UFiliphu wakhuluma naye, eqala kulowo mbhalo; wamshumayeza ivangeli ngoJesu.
IzEnzo 8:26-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.” Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya. UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.” UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?” Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo. Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe. Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.” Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?” UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.
IzEnzo 8:26-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)