UDaniyeli 3:19 - Compare All Versions

UDaniyeli 3:19 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.

UDaniyeli 3:19 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Khona uNebukadinesari wagcwala ukufutheka, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.

UDaniyeli 3:19 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Khona uNebukadinesari wagcwala intukuthelo, nesimo sobuso bakhe sashintsha kuShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego; ngakho-ke wakhuluma futhi wayala ukuthi isithando somlilo kufanele sibase ngokuphindwe kasikhombisa kunalokho esijwayele ukushiswa ngaso.