UDaniyeli 6:26-27
UDaniyeli 6:26-27 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngokuba “unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni. Uyakhulula, ophule; uyenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”
UDaniyeli 6:26-27 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngibeka umthetho wokuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, “ngokuba unguNkulunkulu ophilayo, umi kuze kube phakade. Umbuso wakhe yiwo ongayikubhujiswa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube phakade. Uyakhulula, asindise; wenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni. Yena omkhululile uDaniyeli emandleni ezingonyama.”
UDaniyeli 6:26-27 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngikhipha umyalo wokuba abantu kuyo yonke imibuso yombuso wami bathuthumele futhi besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli, ngoba unguNkulunkulu ophilayo nogxilile kuze kube phakade, nombuso wakhe ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyolingana. Kuze kube sekupheleni. Uyahlenga, asindise, wenza izibonakaliso nezimangaliso ezulwini nasemhlabeni, owakhulula uDaniyeli emandleni ezingonyama.