UDuteronomi 11:26-28
UDuteronomi 11:26-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Bheka, ngibeka phambi kwenu namuhla isibusiso nesiqalekiso. Isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla. Isiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, bese nilandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.
UDuteronomi 11:26-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Bheka, ngibeka phambi kwakho namuhla isibusiso nesiqalekiso, isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla, nesiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kepha niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla, ukulandela abanye onkulunkulu eningabaziyo.
UDuteronomi 11:26-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bhekani, nginethula namuhla ngesibusiso nesiqalekiso; Isibusiso, uma nilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla: Futhi isiqalekiso, uma ningayilaleli imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu, kodwa niphambuka endleleni enginiyala ngayo namuhla ukulandela abanye onkulunkulu eningabazi.