UDuteronomi 13:1-3
UDuteronomi 13:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uma kuba khona umphrofethi phakathi kwenu, noma ophupha amaphupho, anitshele isibonakaliso nesimangaliso, kuthi leso sibonakaliso noma isimangaliso asishilo kini senzeke, bese ethi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo, sibakhonze,’ aniyukuwalalela amazwi alowo mphrofethi, noma lowo ophupha amaphupho, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uyakunilinga ukuba azi ukuthi niyamthanda yini uSimakade uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu, na?
UDuteronomi 13:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uma kuvuka phakathi kwakho umprofethi, noma umphuphi wamaphupho, akunike isibonakaliso nesimangaliso, isibonakaliso noma isimangaliso akhulume ngaso kuwe besesenzeka, athi: ‘Masilandele abanye onkulunkulu ongabaziyo, sibakhonze,’ awuyikulalela amazwi alowo mprofethi, noma lowo mphuphi wamaphupho, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakulinga ukuba azi ukuthi uyathanda yini uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho na?
UDuteronomi 13:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uma kuvela phakathi kwenu umprofethi noma umphuphi wamaphupho, aninike isibonakaliso nesimangaliso, Kwase kwenzeka isibonakaliso nesimangaliso akhuluma ngaso kuwe, wathi: Masigijime silandele abanye onkulunkulu eningabazi, sibakhonze; Akumelwe nilalele amazwi alowo mprofethi noma lowo mphuphi wamaphupho, ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uyanivivinya ukuze azi uma nimthanda uJehova uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.