UDuteronomi 30:19-20
UDuteronomi 30:19-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho, umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”
UDuteronomi 30:19-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kufakaze ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; khethani ukuphila, ukuze niphile wena nenzalo yakho. Ukuze umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba ungukuphila kwenu nobude bezinsuku zenu, ukuze nihlale ezweni uJehova alifungela lona. Oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika bona.
UDuteronomi 30:19-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho, ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”