Kwabase-Efesu 2:6-10 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
Kwabase-Efesu 2:6-10 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu, kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
Kwabase-Efesu 2:6-10 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Wasivusa kanye naye, wasihlalisa naye ezulwini kuKhristu uJesu, ukuze esikhathini esizayo abonakalise kithi ingcebo emangalisayo yomusa wakhe ngobubele bakhe, kuKhristu uJesu. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; lokhu akuveli kini, kodwa kuyisipho sikaNkulunkulu, futhi akuyi ngemisebenzi, funa kube khona ozibongayo. Thina singumsebenzi wakhe, sidalelwe imisebenzi emihle kuKhristu uJesu, uNkulunkulu ayilungisela phambilini ukuba sihambe ngayo.
Kwabase-Efesu 2:6-10 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye ezindaweni zasezulwini kuKristu Jesu; ukuze abonakalise ezikhathini ezizayo inotho enkulu yomusa wakhe ngobubele kithi ngoKristu Jesu. Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.
Kwabase-Efesu 2:6-10 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)