Kwabase-Efesu 6:13-17
Kwabase-Efesu 6:13-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga; Enyaweni zenu zigqokiswe ukulungela ivangeli lokuthula; phezu kwakho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi. nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu
Kwabase-Efesu 6:13-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho-ke yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke, nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo yomubi evuthayo, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu
Kwabase-Efesu 6:13-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu
Kwabase-Efesu 6:13-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifake isivikelo sesifuba sokulunga; Enyaweni zenu zigqokiswe ukulungela ivangeli lokuthula; phezu kwakho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi. Nithathe isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu