U-Esteri 2:15
U-Esteri 2:15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lapho sesifikile isikhathi sika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho, kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane. U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.
U-Esteri 2:15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Laze lafika nethuba lika-Esteri indodakazi ka-Abhihayili, umfowabo kaMoridekhayi. UMoridekhayi wayemkhulise kwangathi yindodakazi yakhe. U-Esteri akazange acele lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, umthenwa owayephethe, ayethe akakusebenzise. Bonke ababembona babethatheka ngubuhle bakhe.
U-Esteri 2:15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho kufika ithuba lika-Esteri, indodakazi ka-Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi, owamthatha ukuba abe indodakazi yakhe, wangena enkosini, akafunanga lutho ngaphandle kwalokho uHegayi, inceku yenkosi, umlindi wenkosi. Abesifazane, abamisiwe. U-Esteri wazuza umusa emehlweni abo bonke abambonayo.