U-Eksodusi 15:23-25
U-Eksodusi 15:23-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bafika eMara, kodwa abakwazanga ukuphuza amanzi eMara, ngokuba ayebaba, yingakho igama lendawo kwathiwa yiMara. Abantu bakhononda ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?” Wakhala kuSimakade, uSimakade wamkhombisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi ayeseba mnandi. USimakade wabamisela khona lapho umthetho nesimiso, wayesebavivinya belapho.
U-Eksodusi 15:23-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Sebefika eMara babengenakuphuza amanzi aseMara, lokhu ayebaba; ngalokho igama lalo lathiwa iMara.* Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?” Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho
U-Eksodusi 15:23-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Sebefikile eMara, babengelakuphuza amanzi aseMara, ngoba ayebaba; ngalokho igama layo lathiwa iMara. Abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Siyakuphuzani na?” Wayibiza iNkosi; uJehova wambonisa umuthi awuphonsa emanzini; wabamisela khona isimiso nesimiso, wabavivinya khona.