U-Eksodusi 16:1-3
U-Eksodusi 16:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka e-Elimu laze layofika ehlane iSini phakathi kwe-Elimu neSinayi, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesibili bephumile eGibhithe. Lonke ibandla lakwa-Israyeli lakhononda ngoMose no-Aroni ehlane. Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”
U-Eksodusi 16:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe. Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”
U-Eksodusi 16:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Basuka e-Elimi, inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe. Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose no-Aroni ehlane. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala.