U-Eksodusi 27:20-21
U-Eksodusi 27:20-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uyobayala futhi abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha omnqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zihlale zivutha njalo. Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.
U-Eksodusi 27:20-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Wobayala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo. Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.
U-Eksodusi 27:20-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uyala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakulethele uthi lwezibani amafutha acwengekileyo agqunyiwe, ukuze isibani sivutha njalo. Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi, u-Aroni namadodana akhe bayakuyala lokhu phambi kukaJehova kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni: kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo kubantwana bakwa-Israyeli.