U-Eksodusi 3:7-8
U-Eksodusi 3:7-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wathi: “Ngikubonile nokukubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe, nokukhala kwabo ngezinceku zabo ngikuzwile; ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo; Futhi ngehla ukuze ngibasindise esandleni sabaseGibhithe futhi ngibaqeqeshe baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelikhulu, ezweni elichichima ubisi nezinyosi; endaweni yamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi
U-Eksodusi 3:7-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo. Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.
U-Eksodusi 3:7-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo; ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.