U-Eksodusi 9:18-19
U-Eksodusi 9:18-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uyabona-ke, kusasa ngalesi sikhathi ngizothumela isichotho esinamandla amakhulu, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba khona kuze kube namuhla. Ngakho-ke thumela ukuba kubuyiswe imfuyo yakho nakho konke onakho okusendle kufakwe endaweni ephephileyo. Bonke abantu nezilwane okuzobe kusendle, isichotho sizokwehlela kukho kufe.” ’ ”
U-Eksodusi 9:18-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje. Ngalokho thuma, ubuyise imfuyo yakho nakho konke onakho endle; bonke abantu nazo zonke izinkomo okuyakufunyanwa endle kungagoduswanga kuyakuwelelwa yisichotho, kufe.’ ”
U-Eksodusi 9:18-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakunisa isichotho esinzima kakhulu, esingakaze sibe khona eGibithe kusukela ekusekelweni kwalo kuze kube manje. Manje thumela futhi uqoqe izinkomo zakho nakho konke onakho endle; ngoba phezu kwawo wonke umuntu nezilwane ezitholakala endle futhi zingalethwa ekhaya, isichotho siyowela phezu kwazo, zife.