UHezekeli 2:2-3 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
UHezekeli 2:2-3 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa owakhuluma kimi. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.
Dlulisela
UHezekeli 2 ZUL59UHezekeli 2:2-3 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Kwathi esakhuluma kimi, kwangena kimi uMoya, wangimisa ngezinyawo, ngamuzwa owayekhuluma kimi. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.
Dlulisela
UHezekeli 2 ZUL20UHezekeli 2:2-3 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
UMoya wangena kimi esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa okhuluma kimi. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, esizweni esihlubukayo esingihlubukileyo; bona naboyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.
Dlulisela
UHezekeli 2 CZB24