UHezekeli 2:7-8 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

UHezekeli 2:7-8 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki. Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

UHezekeli 2:7-8 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki. Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

UHezekeli 2:7-8 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bafuna ukuwezwa noma bayabayeka beme, ngoba bahlubuka kakhulu. Kepha wena, ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe; Ungahlubuki njengaleyo ndlu edlubulundayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.