UHezekeli 37:7-8
UHezekeli 37:7-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngase ngiphrofetha njengoba ngangiyaliwe. Kwathi lapho ngisaphrofetha kwaba khona umsindo nobukhehlekhehle; amathambo asondelana, kwayilelo thambo lisondela kwelinye. Ngase ngibona kuvela imisipha phezu kwawo, kwahluma inyama, isikhumba sawamboza ngaphezulu, kodwa umoya wawungekho kuwo.
UHezekeli 37:7-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngaprofetha njengalokho ngiyaliwe, nalapho ngiprofetha kwaba khona umsindo nokugunquza; amathambo asondelana, ithambo kulo ithambo. Ngase ngibona; bheka, kwakukhona imisipha phezu kwawo, kwahluma nenyama, nesikhumba sawasibekela ngaphezulu, kepha umoya wawungekho kuwo.
UHezekeli 37:7-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngasengiprofetha njengokulaywa kwami; kwathi ngisaprofetha, kwaba khona umsindo, bheka, kwanyakaza, amathambo abuthana, ithambo ethanjeni lalo. Lapho ngibona, kwavela imisipha nenyama phezu kwawo, nesikhumba sawamboza ngaphezulu, kepha kwakungekho moya kuwo.