UHezekeli 4:4-5 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
UHezekeli 4:4-5 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
“Futhi lala ngohlangothi lwakho lwasokhohlo, ubeke ukona kuka-Israyeli phezu kwalo; ngokomumo wezinsuku zokulala kwakho ngalo uyakuthwala ukona kwabo. Ngokuba ngikunqumele iminyaka yokona kwabo ukuba ibe ngumumo wezinsuku, zingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, bese wuthwala ukona kwendlu yakwa-Israyeli.
UHezekeli 4:4-5 ZUL20 (IsiZulu 2020)
“Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke isono sika-Israyeli phezu kwalo; uyakuthwala isono sabo ngazo zonke izinsuku oyobe ulele ngalo. Ngikubekele izinsuku ezingangenani leminyaka yokona kwabo. Wena-ke uyakuthwala isiphambeko sendlu yakwa-Israyeli izinsuku ezingama-390.
UHezekeli 4:4-5 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke ububi bendlu kaIsrayeli phezu kwalo; ngokwenani lezinsuku olala kulo, uyakuthwala ububi babo. Ngokuba nginibekele iminyaka yokona kwabo ukuba ibe yinani lezinsuku, izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye; kanjalo uyakuthwala ububi bendlu yakwa-Israyeli.