UGenesise 20:6-7
UGenesise 20:6-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi. Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”
UGenesise 20:6-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte. Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”
UGenesise 20:6-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wathi kuye ngephupho: Yebo, ngiyazi ukuthi ukwenzile lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; ngokuba nami nganivimbela ukuba ningoni kimi; ngalokho ngakuvumela ukuba ungamthinti. Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.