UGenesise 23:1-20

UGenesise 23:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara. USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela. U-Abrahama wasuka kofileyo wakhe, wakhuluma nabantwana bakwaHeti, wathi: “Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.” Abantwana bakwaHeti baphendula u-Abrahama, bathi kuye: “Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.” U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti, wakhuluma nabo, wathi: “Uma kuyintando yenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami, ngizweni, ninginxusele ku-Efroni indodana kaSowari ukuba angiphe umhume waseMakaphela anawo emkhawulweni wensimu yakhe, awunike kimi ngemali efanele wona, ube yindawo yokumbela phakathi kwenu.” U-Efroni wayehlezi phakathi kwabantwana bakwaHeti: u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe, wathi: “Cha, nkosi; ngilalele: ngiyakunika le nsimu, nomhume okuyo ngikunika wona; ebusweni bamadodana abantu bami ngikunika wona; mmbele lapho ofileyo wakho.” U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe. Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe, wathi: “Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.” U-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye: “Nkosi yami, ngilalele: izwe elilingene namashekeli* angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.” U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi. Kanjalo insimu ka-Efroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre, insimu nomhume okuyo, nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube semikhawulweni yonke kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe. Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani. Insimu nomhume okuyo kwase kunqunyelwa u-Abrahama ngabantwana bakwaHeti, kube yindawo yethuna.

UGenesise 23:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)

USara waphila iyiminyaka eyi-127. Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara. U-Abhrahama wasuka eduze kwesidumbu somkakhe, wakhuluma namaHithi, wathi: “Ngingowezizwe nomfokazi phakathi kwenu. Ngisikeleni indawo yokungcwaba ukuze ngifihle ithambo lomkami.” AmaHithi amphendula u-Abhrahama, athi: “Silalele nkosi yami. Wena ungowasebukhosini bukaNkulunkulu phakathi kwethu. Akekho phakathi kwethu ongenqaba nendawo yokungcwaba umkakho.” U-Abhrahama wasukuma, wayesekhothamela amaHithi, abantu balelo lizwe. Wathi kubo: “Uma ningivumela ukuba ngingcwabe ithambo lomkami, ngicela ningikhulumele no-Efroni indodana kaZohari ukuba anginike umgede wakhe waseMakhaphela, osemngceleni wensimu yakhe. Makanginike le ndawo phambi kwenu, bese ngimkhokhela intengo yayo ephelele, ukuze ibe ngeyami yokungcwaba.” U-Efroni wayehlezi phakathi kwamanye amaHithi. U-Efroni umHithi wamphendula u-Abhrahama kuzwa wonke amaHithi ayelapho esangweni lomuzi, wathi: “Qha, nkosi yami, ngicela ungizwe kahle. Ngiyakunika le nsimu, futhi ngiyakunika nomgede okuyo. Ngikunika yona phambi kwabantu bakithi, mngcwabe umkakho kuyo.” U-Abhrahama wayesekhothama phambi kwabantu balelo lizwe. Wathi ku-Efroni bezwa bonke abantu balelo lizwe: “Ngilalele, ungizwe kahle mfowethu. Ngizokukhokhela yonke imali oyibizayo ngale nsimu. Vuma ukuba ngenze njalo, ukuze ngikwazi ukungcwaba umkami lapho.” U-Efroni wamphendula u-Abhrahama, wathi: “Mnumzane, ngilalele, lesi siqinti somhlaba singabiza amashekeli esiliva angama-400, bekuyini khona lokho phakathi kwami nawe na? Ngcwaba umkakho kuso.” U-Abhrahama wavumelana no-Efroni, wayesembalela inani ayelibalulile phambi kwamaHithi, ngesisindo salo amashekeli ezinhlamvu zesiliva ezingama-400 ngokwezilinganiso ezazisetshenziswa ngabahwebi baleso sikhathi. Ngakho-ke insimu ka-Efroni eseMakhaphela, eyayisempumalanga neMamre, insimu nomgede owawukuyo, nezihlahla zonke ezazingaphakathi komngcele wayo. Konke lokho kwadluliselwa ku-Abhrahama, kwaba yimpahla yakhe phambi kwamaHithi ayelapho esangweni lomuzi. U-Abhrahama wamngcwaba umkakhe uSara emgedeni osensimini eseMakhaphela ebhekene neMamre okuyiHebhroni eKhanani. Insimu nomgede u-Abhrahama akunikwa ngamaHithi kwaguquka kwaba yindawo yakhe yokungcwaba.

UGenesise 23:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

USara wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; le yayiyiminyaka yokuhamba kukaSara. USara wafa eKiriyati ka-Arba; yiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama weza ukumlilela uSara nokumkhalela. U-Abrahama wasukuma phambi kofileyo wakhe, wakhuluma kumadodana kaHeti, wathi: Ngingumfokazi nomfokazi kini; nginike indawo yethuna kuwe, ukuze ngimbele ofileyo wami phambi kobuso bami. Amadodana kaHeti amphendula u-Abrahama, athi kuye: Silalele, nkosi yami, wena uyisikhulu esinamandla phakathi kwethu; yembela ofileyo waKho kwabakhethiweyo bamathuna ethu; akakho kithi oyakugodla ithuna lakhe kuwe, kodwa ukuba ummbele ofileyo wakho. U-Abrahama wasukuma, wakhothamela phambi kwabantu bezwe, phambi kwabantwana bakwaHeti. Futhi wakhuluma kubo wathi: “Uma kuyisu lenu ukuthi ngimbele ofileyo wami phambi kobuso bami; ngilalele, ungikhulumele izwi elihle ku-Efroni indodana kaSohari; ukuze anginike umhume waseMagpela anawo, osekupheleni kwensimu yakhe; ngoba imali elingana layo uzanginika yona ibe yindawo yethuna phakathi kwenu. U-Efroni wahlala phakathi kwabantwana bakwaHeti; u-Efroni umHeti wamphendula u-Abrahama ezindlebeni zabantwana bakwaHeti kubo bonke abangena ngesango lomuzi wakhe, wathi: Cha, nkosi yami, ngilalele; isiqephu sezwe ngiyakukunika lona, nomhume okuso ngiyakukunika wona; phambi kwamadodana abantu bami ngiyakunika lona; ngcwaba ofileyo wakho. U-Abrahama wakhothama phambi kwabantu bezwe. Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu bezwe, wathi: “Kepha uma uthanda ukukunika, ngilalele; ngiyakukunika imali yezwe; yithathe kimi, ngimmbele khona ofileyo wami. U-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye: Nkosi yami, ngilalele: izwe lilingana namashekeli angamakhulu amane esiliva; yini phakathi kwami nawe? bese ungcwaba ofileyo wakho. U-Abrahama wamlalela u-Efroni; U-Abrahama wamlinganisela u-Efron isiliva abeyikhulume ezindlebeni zamadodana kaHeti, amashekele angamakhulu amane esiliva, imali evunywayo kumthengisi. Insimu ka-Efroni eyayiseMagiphela ngaphambi kweMamre kanye nomhume, zonke izihlahla ezazikuyo yonke imikhawulo nxazonke zazigadiwe. Ku-Abrahama njengempahla phambi kwabantwana bakwaHeti, phambi kwabo bonke abangena ngesango lomuzi wakhe. Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wensimu yaseMakaphela phambi kweMamre; yiHebroni ezweni laseKhanani. Isiqephu sezwe nomhume okuwo kwanikwa u-Abrahama amadodana kaHeti kube yindawo yethuna.