UGenesise 4:3-8
UGenesise 4:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngokuhamba kwezinsuku uKhayini waletha kuSimakade umnikelo wezithelo zomhlabathi. U-Abela naye waletha amazibulo emfuyo yakhe, wanikela ngezitho zawo ezinonileyo. USimakade wamnaka u-Abela nomnikelo wakhe, kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni. USimakade wambuza uKhayini wathi: “Uthukutheleleni na? Bunyukubaleleni ubuso bakho na? Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.” UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala.
UGenesise 4:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. Naye u-Abela waletha umnikelo kuwo amazibulo ezimvu zakhe ezinonileyo. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe. Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini, ubuso bakhe banyukumala. UJehova wathi kuKayini: “Uthukuthelelani na? Ubuso bakho bunyukumeleleni na? Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.” UKayini wakhuluma ku-Abela umfowabo, wathi: “Masiye endle.” Kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.
UGenesise 4:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngokuhamba kwesikhathi uKayini waletha umnikelo eNkosini evela ezithelweni zomhlabathi. U-Abela naye waletha amanye amazibulo ezimvu zakhe namanoni awo. UJehova wamnaka u-Abela nomhlatshelo wakhe. Kodwa akazange amnake uKhayini nomhlatshelo wakhe. UKayini wathukuthela kakhulu, ubuso bakhe bawa. INkosi yasisithi kuKayini: Uthukuthelelani? kungani ubuso bakho bunyukubele? Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe. UKayini wakhuluma no-Abela umfowabo; kwathi besendle, uKayini wavukela umfowabo u-Abela, wambulala.