UGenesise 7:1-24
UGenesise 7:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nabo bonke abendlu yakho, ngokuba ngibonile ukuthi nguwena kuphela olungile phambi kwami kulesi sizukulwane. Thatha amabhanqa ayisikhombisa azo zonke izilwane ezihlanzekile, iduna nensikazi, nakulezo ezingahlanzekile uthathe ngazimbili, iduna nensikazi. Uthathe kulo lonke uhlobo lwezinyoni zezulu zibe ngamabhanqa ayisikhombisa: iduna nensikazi, ukuze kulondolozeke izinhlobo zazo emhlabeni wonke. Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.” UNowa wakwenza konke lokho njengalokhu uSimakade ayemyalile. UNowa wayeseneminyaka engama-600 ngesikhathi liyithela ekazamcolo emhlabeni. UNowa nowakwakhe namadodana akhe nomkawo bangena emkhunjini ukuze baphephe ezikhukhuleni zikazamcolo. Izilwane nazo zangena ngazimbili kwezihlanzekile nezingahlanzekile, nezinyoni ngokunjalo, nezilwane zonke ezihuquzelayo emhlabeni, zangena emkhunjini ngazimbili, iduna nensikazi kanye noNowa njengokuba uNkulunkulu ayeshilo kuye. Uzamcolo waqala emhlabeni emva kwezinsuku eziyisikhombisa. Kuthe lapho uNowa eseneminyaka engama-600, ngosuku lwe-17, ngenyanga yesibili, kwaqhuma zonke iziphethu zamanzi emajukujukwini, kwavuleka namafasitela ezulu. Lana emhlabeni imini nobusuku izinsuku ezingama-40. Ngalolo lusuku uNowa nowakwakhe namadodana akhe, uShemu, uHamu, noJafethi, nomkabo bobathathu bangena emkhunjini. Kwangena zonke izilwane zasendle ngezinhlobo zazo, nezilwane ezifuywayo ngezinhlobo zazo, ezihuquzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nazo zonke izinyoni zezulu ngezinhlobo zazo, nakho konke okunamaphiko. Kwangena emkhunjini kaNowa ngakubili konke okuphefumulayo, njengalokhu uNkulunkulu ayemyalile uNowa, kwangena iduna nensikazi, kukho konke okuphilayo. Esengenile uNowa, uSimakade wavala umnyango. Laqhubeka layithela imvula izinsuku ezingama-40, akhula amanzi, awuntantisa umkhumbi phezu komhlaba. Amanzi akhula anda emhlabeni; umkhumbi wantanta phezu kwamanzi. Amanzi anda kakhulu emhlabeni aze asibekela zonke iziqongo zezintaba ezinde. Anda kakhulu aze azisibekela ngamakhubhithi ayishumi nanhlanu iziqongo zezintaba. Kwafa konke okuphilayo emhlabeni: wena nyoni, wena nkomo, wena silo, wena silwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu. Konke okuphefumulayo okwakusezweni, kwafa. UNkulunkulu wakushaya wakuqothula konke okuphilayo ezweni: abantu nezilwane, nezilwane ezihuquzelayo nezinyoni zezulu, wakushaya wakuqothula emhlabeni. Kwasala kuphela uNowa nalabo ayenabo emkhunjini. Amanzi anda emhlabeni kwaze kwaphela izinsuku eziyi-150.
UGenesise 7:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane. Kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo uzakuthatha ngasikhombisa, iduna nensikazi yalo, nakuzo izilwane ezingahlambulukile uthathe ngambili, iduna nensikazi yalo, nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa, iduna nensikazi, ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke. Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.” UNowa wakwenza konke njengalokho emyalile uJehova. UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo wamanzi efika emhlabeni. UNowa wangena emkhunjini namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye ngenxa yamanzi kazamcolo. Kuzo izilwane ezihlambulukileyo nezingahlambulukile, nezinyoni, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni kwangena ngambili emkhunjini kuNowa, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa. Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni; ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuhamba kukaNowa ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku imithombo yonke yotwa yabhoboka, namafasitele asezulwini avuleka. Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane. Ngalolo suku uNowa wangena emkhunjini noShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi bobathathu bamadodana akhe bekanye nabo, bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo, nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, konke okunamaphiko. Zangena kuNowa emkhunjini zimbili ngazimbili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila. Ezangenayo zangena ziyiduna nensikazi zenyama yonke, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wavala emva kwakhe. Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba. Amanzi akhula, anda kakhulu emhlabeni; umkhumbi wahamba ebusweni bamanzi. Amanzi andisisa impela emhlabeni; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke. Amanzi azidlula ngezingalo eziyishumi nanhlanu, zaze zasitshekelwa izintaba. Inyama yonke eyayihamba emhlabeni yafa, izinyoni, nezinkomo, nezilo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke; konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni akho, konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa. Wachitha kanjalo konke okuphilayo ebusweni bomhlaba, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; wakuchitha emhlabeni; kwasala uNowa yedwa kanye nakho okwakukhona naye emkhunjini. Amanzi ayenamandla emhlabeni izinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu.
UGenesise 7:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayesethi uJehova kuNowa: “Ngena emkhunjini wena nendlu yakho yonke; ngoba ngikubonile ulungile phambi kobuso bami kulesisizukulwana. Kuzo zonke izilwane ezihlanzekile kumelwe uzithathele eziyisikhombisa, iduna nensikazi yalo; Ezinyameni ezihlambulukileyo, ngambili ngambili, iduna nensikazi yalo. Ezinyonini zezulu ngasikhombisa, iduna nensikazi; ukugcina imbewu iphila emhlabeni wonke. Bese nginisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi zonke izinto eziphilayo engizenzile ngizozibhubhisa emhlabeni. UNowa wenza njengalokho uJehova emyalile. UNowa wayeneminyaka engamakhulu ayisithupha mhla uzamcolo uphezu komhlaba. UNowa wangena emkhunjini, namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe kanye naye, emkhunjini ngenxa yamanzi kazamcolo. Ezinyameni ezihlambulukileyo, nasezinyameni ezingcolileyo, nakuzinyoni, nakuzo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, Zangena ngazimbili kuNowa emkhunjini, iduna nensikazi, njengalokho uNkulunkulu emyalile uNowa. Emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni. Ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuphila kukaNowa, ngenyanga yesibili, ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku yonke imithombo kazamcolo omkhulu yagqashuka, namafasitele asezulwini avuleka. Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane. Ngalolo suku uNowa, uShemi, noHamu, noJafete, amadodana kaNowa, nomkaNowa, nabafazi abathathu bamadodana akhe kanye nabo, bangena emkhunjini; Bona nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo, nezinkomo zonke ngezinhlobo zazo, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ngezinhlobo zazo. Zangena kanye noNowa emkhunjini, ngambili enyameni yonke okukuyo umoya wokuphila. Ezingenayo, kwangena iduna nensikazi kuyo yonke inyama, njengalokho uNkulunkulu emyalile; uJehova wamfaka. Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, awudonsa umkhumbi, wawuphakamisela emhlabeni. Amanzi aba namandla, anda kakhulu emhlabeni; umkhumbi wedlula phezu kwamanzi. Amanzi ayenamandla phezu komhlaba; zasitshekelwa zonke izintaba eziphakemeyo eziphansi kwezulu lonke. Amanzi aba yizingalo eziyishumi nanhlanu phezulu; zasitshekelwa izintaba. Yafa yonke inyama enwabuzelayo emhlabeni, izinyoni, nezinkomo, nezilwane, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabantu bonke; Konke okunomoya wokuphila emakhaleni akho, kukho konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa. Zonke izidalwa eziphilayo ezazisemhlabeni zabhujiswa, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; futhi zabhujiswa emhlabeni, kwasala uNowa kuphela nalabo ababenaye emkhunjini. Amanzi aba namandla phezu komhlaba izinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu.