UGenesise 8:1-22

UGenesise 8:1-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla. Kwavaleka iziphethu ezisezinzulwini, kwavaleka namafasitela ezulu, yanqamuka imvula. Amanzi aya ngokuya ebohla. Sekwedlule izinsuku eziyi-150 amanzi ayesehlile impela. Ngosuku lwe-17 ngenyanga yesikhombisa, umkhumbi wathi cababa ezintabeni e-Ararathi. Amanzi aya ngokuya ehla. Kwathi lulunye ngenyanga yeshumi, kwaqala kwabonakala iziqongo zezintaba. Kwathi emveni kwezinsuku ezingama-40, uNowa wavula ifasitela lomkhumbi ayelenzile, wakhiphela ngaphandle igwababa. Landiza njalo lehla lenyuka kwaze kwabohla amanzi emhlabeni. Wabuye wathumela ijuba ukuze ahlole ngalo ukuthi nembala amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. Kepha ijuba kalitholanga ndawo elalingahlala kuyo. Landiza labuyela emkhunjini, uNowa welula isandla walingenisa ngaphakathi. Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walikhipha ijuba. Labuyela kuye sekuhlwile liphethe ngomlomo iqabunga lomnqumo eliluhlaza. Kwamcacela uNowa ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni. Walinda izinsuku eziyisikhombisa, wabuye walithumela ijuba, kodwa aliphindanga labuyela kuye. Ngosuku lokuqala ngenyanga yokuqala uNowa eseqede iminyaka engama-601 ephila, wonke amanzi ayesehwamukile emhlabeni. UNowa waphakamisa uphahla lomkhumbi, wabona ukuthi sekomile phansi. Kwafika usuku lwama-27 sekome nkwe phansi. UNkulunkulu wakhuluma noNowa, wathi: “Phuma emkhunjini, wena nomkakho namadodana akho nomkawo. Khipha konke okuphilayo okunawe, izinyoni, zonke izilwane, nezilwane ezihuquzelayo, ukuze zizalane zande emhlabeni.” Wayesephuma-ke uNowa nomkakhe, namadodana akhe nomkawo. Emkhunjini kwaphuma zonke izilwane, zonke izilwane ezihuquzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhambayo emhlabeni ngezinhlobo zakho. UNowa wakhela uSimakade i-althare, wathatha kuzo zonke izilwane nezinyoni ezihlanzekileyo ngezinhlobo zazo, wenza ngazo umnikelo wokushiswa kulelo althare ayelakhile. Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile. “Inqobo nje uma umhlaba usekhona, kuyotshalwa kuvunwe, kube makhaza kushise, kube yihlobo nobusika, imini nobusuku, lokhu akuyukunqamuka.”

UGenesise 8:1-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla. Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela. Amanzi ayesemuka njalo emhlabeni; emva kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi ancipha. Ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa enyangeni umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati. Amanzi ancipha njalonjalo, kwaze kwaba senyangeni yeshumi. Ngeyeshumi ngolokuqala lwenyanga iziqongo zezintaba zabonakala. Kwathi emva kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitele lomkhumbi abelenzile. Wathuma igwababa, lazulazula njalo, aze asha amanzi emhlabeni. Wayesethuma ijuba ukubona ukuba amanzi asenciphile yini ebusweni bomhlaba. Kepha ijuba lalingafumani ukuphumula kwamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesebusweni bomhlaba wonke; waselula isandla sakhe, walithatha, walingenisa kuye emkhunjini. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini. Ijuba lafika kuye ngakusihlwa; bheka, kusemlonyeni walo iqabunga lomnqumo elikhiweyo. Wase azi uNowa ukuthi amanzi anciphile emhlabeni. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye. Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emhlabeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile. Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba wawusomile. UNkulunkulu wakhuluma kuNowa, wathi: “Phuma emkhunjini, wena nomkakho, namadodana akho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. Phuma kanye nezilwane zonke eziphilayo zenyama yonke, izinyoni, nezinkomo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, zichume emhlabeni, zizale, zande emhlabeni.” Wayesephuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe bekanye naye. Zonke izilwane, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo, nazo zonke izinyoni, konke okuhamba emhlabeni ngezinhlobo zakho kwaphuma emkhunjini. UNowa wamakhela uJehova i-altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela umnikelo wokushiswa e-altare. UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile. Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.”

UGenesise 8:1-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini; Kwavalwa nemithombo kazamcolo namafasitele asezulwini, kwavalwa imvula ezulwini; Amanzi aphenduka njalo emhlabeni, kwathi ekupheleni kwezinsuku eziyikhulu namashumi ayisihlanu amanzi abohla. Umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati ngenyanga yesikhombisa ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga. Amanzi ancipha kwaze kwaba yinyanga yeshumi; ngenyanga yeshumi, ngolokuqala lwenyanga, kwabonakala iziqongo zezintaba. Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane uNowa wavula ifasitela lomkhumbi abelenzile. Wathuma igwababa lazulazula, aze asha amanzi emhlabeni. Wasethuma ijuba lisuka kuye ukubona ukuthi amanzi asebohlile yini emhlabathini; Kodwa ijuba alifumananga indawo yokuphumula yamathe onyawo lwalo, labuyela kuye emkhunjini, ngokuba amanzi ayesesemhlabeni wonke; wayeselula isandla sakhe, walithatha, walidonsela emkhunjini kanye naye. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; wabuye walikhipha ijuba emkhunjini; Ijuba lafika kuye kusihlwa; bheka, emlonyeni wakhe kwakukhona iqabunga lomnqumo elikhithiziwe; uNowa wazi ukuthi amanzi asebohlile emhlabeni. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; wathuma ijuba; abangabange besabuyela Kuye. Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye, ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, amanzi ashile emhlabeni; uNowa wasusa isembozo somkhumbi, wabheka, bheka, ubuso bomhlaba bomile. Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba woma. UNkulunkulu wakhuluma kuNowa wathi: Phuma emkhunjini, wena nomkakho namadodana akho nabafazi bamadodana akho kanye nawe. Zikhiphe kanye nawe zonke izilwane ezinawe, kuyo yonke inyama, ezinyonini, nasezinkomeni, nakuzo zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni; ukuze zande emhlabeni, zande, zande emhlabeni. Waphuma uNowa namadodana akhe, nomkakhe, nabafazi bamadodana akhe kanye naye. Zonke izilwane, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nazo zonke izinyoni, nakho konke okuhuquzelayo emhlabeni, ngezinhlobo zazo, kwaphuma emkhunjini. UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare. INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile. Umhlaba usekhona, ukuhlwanyela nokuvuna, amakhaza, nokushisa, nehlobo, nobusika, nemini nobusuku, akuyikunqamuka.