UHabakuki 3:17-18
UHabakuki 3:17-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni, nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.
UHabakuki 3:17-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni, nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.
UHabakuki 3:17-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho sithelo emvinini; umsebenzi womnqumo uyophela, namasimu awayikuthela ukudla; imfuyo encane kufanele iqedwe esibayeni, futhi akufanele kube nezinkomo ezibayeni; Kepha mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabule kuNkulunkulu wensindiso yami.