U-Isaya 11:2-3
U-Isaya 11:2-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uSimakade; akayukwehlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma anqume ngakuzwe ngosizwile.
U-Isaya 11:2-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
U-Isaya 11:2-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMoya kaJehova uyakuba phezu kwakhe, uMoya wokuhlakanipha nowokuqonda, uMoya weseluleko nowamandla, uMoya wokwazi nowokumesaba uJehova; uyakumenza abe nomqondo osheshayo ekumesabeni uJehova; futhi ngeke ahlulele ngokubona kwamehlo akhe, noma ukusola ngokuzwa kwezindlebe zakhe.