U-Isaya 33:15-16
U-Isaya 33:15-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yilowo ohamba ngokulunga, okhuluma okuqotho, ongayithathi inzuzo ngokungafanele, ongavumeli izandla zakhe zamukele imivuzo yobuqili, ovala izindlebe ukuze angezwa ngokuchithwa kwegazi, ovala amehlo akhe angabuboni ububi, yena uyohlala endaweni ephakemeyo, imigede emaweni iyoba yizinqaba zakhe, uyophiwa isinkwa, ahlale njalo ethola amanzi.
U-Isaya 33:15-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi, yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.
U-Isaya 33:15-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ohamba ngokulunga nokhuluma ngobuqotho; odelela inzuzo yokuhlupheka, oxhawula izandla zakhe ekugodleni isifumbathiso, ovala izindlebe zakhe ukuze ezwe igazi, ovala amehlo akhe ukuba abone okubi; Uyakuhlala phezulu; isivikelo sakhe siyakuba yizikhali zamadwala; isinkwa uyakuphiwa; amanzi akhe ayakuqiniseka.