U-Isaya 46:10-11
U-Isaya 46:10-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami, obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.
U-Isaya 46:10-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
engimemezela ngaphambili okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami, mina engibiza inqe empumalanga nomuntu wecebo lami ezweni elikude; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.
U-Isaya 46:10-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
ngimemezele isiphetho kwasekuqaleni nasendulo izinto ezingakenziwa, nithi: Isiluleko sami siyakuma, ngenze yonke intando yami; Ubiza inyoni yasempumalanga, umuntu ezweni elikude ofeza icebo lami; yebo, ngikukhulumile, ngizokwenza futhi; Bengikuhlosile, nami ngizokwenza.