U-Isaya 58:13-14
U-Isaya 58:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Uma uzinqanda ekungcoliseni isabatha, ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele; isabatha ulibize ngokuthi yintokozo, nosuku olungcwele lukaSimakade ngokuthi luhloniphekile, uluhloniphe; ungahambi ngezindlela zakho, wenza okuthandwa nguwe noma imisebenzi yakho, khona uyakuzijabulisa kuSimakade, ngiyokukhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba udle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.
U-Isaya 58:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize, khona uyakuzijabulisa kuJehova, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.
U-Isaya 58:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uma ubuyisa unyawo lwakho esabathani, ukuze uthokoze ngosuku lwami olungcwele; ulibize isabatha ngokuthi injabulo, ingcwele kaJehova, idunyiswa; futhi umhloniphe ngokungenzi izindlela zakho futhi ungafuni okuthandwa nguwe futhi ungakhulumi amazwi akho. Khona uyakuthokoza ngoJehova; ngiyakukwenza ukuba ukhwele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikusekele ngefa likayihlo uJakobe, ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.