U-Isaya 58:4-5
U-Isaya 58:4-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Niyabona-ke, nizilela ukuphikisana, nokulwa, nokushaya ngenqindi yenkohlakalo. Lokhu kuzila enikwenza namuhla akwenzi ukuba izwi lenu lizwakale ezindaweni eziphakemeyo. Ngabe yikhona kuzila lokhu engikukhethileyo na? Ngabe wusuku lokuba umuntu athobise umphefumulo na? Ngabe kungukuba agebise ikhanda lakhe njengomhlanga, alale endwangwini eyisaka nasemlotheni na? Ngabe yikho lokhu yini enikubiza ngokuzila, nosuku olwemukelekileyo kuSimakade na?
U-Isaya 58:4-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisana nokushaya ngenqindi yobubi. Anisazili namuhla ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu. Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yini nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila nosuku olwamukelekayo kuJehova na?
U-Isaya 58:4-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bhekani, nizilela ukuxabana nokuxabana nokushaya ngesibhakela sobubi; akumelwe nizile ukudla njenganamuhla ukuze nizwakalise izwi lenu phezulu. Yilokhu ukuzila ukudla engikukhethileyo na? usuku lokuba umuntu acindezele umphefumulo wakhe na? Ingabe ukugebisa ikhanda lakhe njengenqe nokwendlala indwangu yamasaka nomlotha ngaphansi kwakhe? nithanda ukulubiza ngokuthi wusuku lokuzila noluthokozisayo kuJehova na?