EkaJakobe 2:2-4
EkaJakobe 2:2-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba uma kungena ebandleni lenu indoda enendandatho yegolide, ingubo enhle, kungena nompofu ogqoke izingubo ezingcolile; Nimhlonipha owembethe ingubo ewubukhazikhazi, nithi kuye: “Hlala wena lapha endaweni enhle; nithi kwabampofu: ‘Yima wena lapho, noma uhlale lapha phansi kwesenabelo sezinyawo zami; Ngakho anibandlululi yini, naze naba ngabahluleli bemicabango emibi na?
EkaJakobe 2:2-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu ofake indandatho yegolide emnweni wakhe, egqoke nezingubo zakwanokusho, bese kungena nompofu ogqoke izingubo ezimbi, niyabheka, bese nithi kogqoke izingubo zakwanokusho: “Hlala lapha wena kule ndawo enhle,” bese nithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami.” Anibandlululanga yini phakathi kwenu, naba ngabehluleli abanemidlinzo emibi na?
EkaJakobe 2:2-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba uma kungena esinagogeni* lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi, nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,” anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?
EkaJakobe 2:2-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)