EkaJakobe 4:1-10
EkaJakobe 4:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na? Niyafisa, ningabi nalutho; Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu. Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu. Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na? Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa. Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela; Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili. Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka. Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa.
EkaJakobe 4:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Akuveli yini ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? Niyafisa, kodwa aninalutho. Niyabulala, ninomhawu, kepha anizuzi lutho; niyalwa, nidala izimpi. Aninalutho ngoba aniceli. Niyacela, kodwa anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusaphaze ezinkanukweni zenu. Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho-ke lowo othanda ukuba ngumngani wezwe, uzenza isitha sikaNkulunkulu. Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na? Kepha unikeza umusa kakhulu ngakho, uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.” Ngakho-ke thobelani uNkulunkulu, nimelane noSathane, khona eyakunibalekela. Sondelani kuNkulunkulu, naye uyakusondela kini. Hlanzani izandla, nina zoni, nihlambulule izinhliziyo, nina bonhliziyombili. Yibani lusizi, nibubule, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukububula, nokujabula kube ngukujabha. Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
EkaJakobe 4:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli; niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu. Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu. Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na? Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.” Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela; sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili. Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha. Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
EkaJakobe 4:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)