AbAhluleli 12:5-6
AbAhluleli 12:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?” Uma ethi: “Qha,” bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.
AbAhluleli 12:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
AbakwaGileyadi bavimba amazibuko aseJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; kwathi lapho ababalekileyo bakwa-Efrayimi bethi: “Mangiwele,” abantu bakwaGileyadi bathi kuye: “Ungowakwa-Efrayimi na?” Uma ethi: “Cha,” bathi kuye: “Shono uthi: ‘Shiboleti,’ ” abesethi: “Siboleti,” ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle; base bembamba, bambulala ngasemazibukweni aseJordani; kwawa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.
AbAhluleli 12:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
AbakwaGileyadi badla iJordani phambi kwabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi athi kuye: “UngumEfrayimi na? Uma ethi: Cha! Base bethi kuye: “Yisho ukuthi Siboleti,” yena wathi Siboleti, ngokuba wayengenakukwazi ukulibiza kahle. Base bemthatha, bambulala ngasekuweleni kweJordani, kwawa ngaleso sikhathi kwabakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.