UJeremiya 9:23-24
UJeremiya 9:23-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe. Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.
UJeremiya 9:23-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe, kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.
UJeremiya 9:23-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe. Kepha ozibongayo makazibonge ngakho, ukuze angiqonde, azi Mina, ukuthi nginguJehova owenza umusa, nokwahlulela, nokulunga emhlabeni; ngokuba lokhu ngiyathokoza,” usho uJehova.