NgokukaJohane 14:15-31

NgokukaJohane 14:15-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.” UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo. “Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona. Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi. “Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami. Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe, nxa sekwenzekile. Angisayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi, kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile. “Sukumani simuke lapha.

NgokukaJohane 14:15-31 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba, aninike omunye uMduduzi, ukuze ahlale kini phakade; UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini. Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyakuza kini. Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye. UJudasi ongesiye u-Iskariyothe wathi kuye: “Nkosi, kuza kanjani ukuba uzibonakalise kithi, ungazibonakalisi ezweni na? UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda; Ongangithandiyo akagcini amazwi ami; nezwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo. Lezizinto ngizikhulume kini ngisenani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona. Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi; Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami. Kalokhu nginitshelile kungakenzeki, ukuze, nxa sekwenzeka, nikholwe. Angisasayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi walumhlaba, kepha akanalutho kimi. Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.

NgokukaJohane 14:15-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami. Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade; uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini. “Angiyukunishiya niyizintandane, kodwa ngiyakubuya ngize kini; kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila. Ngalolo suku niyakukwazi ukuthi Mina ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. “Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.” UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kungani ukuba uthi uyakuzibonakalisa kithi, kodwa ungazibonakalisi kulo izwe na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. Ongangithandiyo akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo. “Nginitshelile lokhu ngisahleli nani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona. “Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi. “Nizwile, nganitshela ngathi: ngiyahamba, kodwa ngiyakubuya ngize kini. Uma ningithanda beniyojabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami. Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe lapho sekwenzekile. Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi, kepha ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, nokuthi ngenza njengalokhu uBaba engiyalile. “Sukumani, sihambe lapha.”

NgokukaJohane 14:15-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)