NgokukaJohane 4:13-14
NgokukaJohane 4:13-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
NgokukaJohane 4:13-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu waphendula, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakuphinde ome. Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona, akayikoma naphakade. Ngokuba amanzi engiyakumnika wona ayakuba kuye ngumthombo wamanzi aphuphumsayo, kube ngukuphila kwaphakade.”
NgokukaJohane 4:13-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Waphendula uJesu, wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome; kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona, phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.”
NgokukaJohane 4:13-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)