UJobe 1:6-22

UJobe 1:6-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Langa limbe, amadodana kaNkulunkulu eza azibonakalisa phambi kukaSimakade, noSathane wafika waba mdibi munye nawo. USimakade wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ngivela ekuzulazuleni emhlabeni, ngehla ngenyuka kuwo.” USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.” USathane wamphendula uSimakade, wathi: “Ngabe uJobe umesaba uNkulunkulu kungenasizathu na? Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni. Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.” USimakade wathi kuSathane: “Kulungile-ke, konke anakho kusesandleni sakho, kodwa uze ungamthinti yena ngesandla sakho.” USathane wayesesuka ehamba ebukhoneni bukaSimakade. Kwathi ngolunye usuku, lapho amadodana namadodakazi kaJobe edla, ephuza iwayini endlini yezibulo lakhe, kwafika isigijimi kuJobe, sathi: “Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabe eduze nazo, ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “Kwehle umlilo kaNkulunkulu uvela ezulwini, washisa izimvu nezinceku, wakuqothula; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” Sisakhuluma, kwafika esinye, sathi: “AmaKhaledi enze amaviyo amathathu, ahlasela, athumba amakameli, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” Sisakhuluma naleso kwafika esinye, sathi: “Amadodana namadodakazi akho abedla, ephuza iwayini endlini yendodana yakho endala, kwase kufika esikhulu isishingishane sivela ngasehlane, sawashaya omane amagumbi endlu, yawela phezu kwabantwana, bafa ujuqu. Yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.” Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.

Dlulisela
Funda UJobe 1

UJobe 1:6-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ema phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo. UJehova wayesethi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wamphendula uJehova, wathi: “Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.” Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.” USathane wamphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke, wabusisa umsebenzi wezandla zakhe na? Impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.” Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova. Kwathi ngolunye usuku lapho amadodana akhe namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo, kwafika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkabi bezilima, izimbongolo ziklabile eceleni kwazo, lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela, awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho ayedla, ephuza iwayini endlini yomfowabo oyizibulo; bheka, kwafika, kwadabula ihlane umoya omkhulu, washaya amagumbi omane endlu, yawa phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” Wayesesukuma uJobe, waklebhula ingubo yakhe, waphucula ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame; ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova uthathile; malibongwe igama likaJehova.” Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.

Dlulisela
Funda UJobe 1

UJobe 1:6-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngolunye usuku amadodana kaNkulunkulu eza ukuma phambi kukaJehova, noSathane wafika phakathi kwawo. UJehova wathi kuSathane: “Uvelaphi na?” USathane wayesemphendula uJehova, wathi: “Uhambahamba emhlabeni, nasemuva naphambili kuwo. UJehova wayesethi kuSathane: “Ingabe uyiqaphele inceku yami uJobe ukuthi akakho ofana naye emhlabeni, umuntu oqotho noqotho, owesaba uNkulunkulu futhi ogwema okubi? USathane wayesemphendula uJehova, wathi: “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Kawunalo yini uthango nxazonke zakhe lendlu yakhe laphezu kwakho konke akwenzileyo inhlangothi zonke? Wawubusisa umsebenzi wezandla zakhe, nempahla yakhe yanda ezweni. Kepha manje yelula isandla sakho, uthinte konke anakho, uyakukuthuka ebusweni bakho. UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; ungabeki isandla sakho kuye. USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova. Kwathi ngolunye usuku amadodana akhe namadodakazi akhe edla, ephuza iwayini endlini yomfowabo omkhulu. Kwase kufika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkomo zazilima, nezimbongolo zaziklabile eceleni kwazo.” AmaSabeya azihlasela, azithatha; yebo, bazibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Umlilo kaNkulunkulu uwile ezulwini, washisa izimvu nezinceku, waziqeda; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Esakhuluma lowo, kwafika nenye, yathi: “AmaKaledi akha amabutho amathathu, awela amakamela, awathumba, yebo, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “Amadodana akho namadodakazi akho adle, anatha iwayini endlini yomfowabo omkhulu.” Bheka, kwafika umoya omkhulu ovela ehlane, washaya amagumbi omane endlu, yawela phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. Khona-ke uJobe wasukuma waklebhula ingubo yakhe waphuca ikhanda lakhe wawela emhlabathini wakhuleka. Wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngiyakubuyela khona ngize; uJehova wapha, uJehova wathatha; Malibongwe iGama leNKOSI. Kukho konke lokhu uJobe akonanga futhi akamthukanga uNkulunkulu ngobuwula.

Dlulisela
Funda UJobe 1