UJoshuwa 10:7-14 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
UJoshuwa 10:7-14 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJoshuwa wayesekhuphuka eGiligali, yena nabo bonke abantu bempi kanye naye, nawo onke amaqhawe anamandla. UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele ezandleni zakho; akuyikubakho muntu wabo ongema phambi kwakho.” UJoshuwa wabafikela ngokuzumayo; wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke. UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda. Kwathi besabalekela u-Israyeli behla eBeti Horoni, uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu, ehla ezulwini, baze bafika e-Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba. UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wathi ebusweni babakwa-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.” Lase lima ilanga, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke. Aluzange lube khona usuku olunjengalo ngaphambi kwalo noma ngasemva kwalo lokuba uJehova alilalele izwi lomuntu, ngokuba uJehova wamlwela u-Israyeli.
UJoshuwa 10:7-14 ZUL20 (IsiZulu 2020)
UJoshuwa wayesekhuphuka esuka eGiligali, nawo wonke amabutho anamandla. USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.” UJoshuwa wabathelekela bengazelele; kwazise wayehambe ubusuku bonke esuka eGiligali. USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda. Besabaleka phambi kuka-Israyeli besuka emehlelweni eBhethi Horoni, uSimakade wehlisela phezu kwabo amatshe amakhulu evela ezulwini, baze bayofika e-Azeka, bafa. Babebaningi kakhulu ababulawa yisichotho kunalabo ababulawa ngu-Israyeli ngenkemba. Ngosuku uSimakade anikela ngalo ama-Amori ku-Israyeli, uJoshuwa wakhuluma noSimakade ephambi kwabantu bakwa-Israyeli wathi: “Langa, yima nse eGibheyoni, nawe nyanga, esigodini i-Ayijaloni.” Lase lima ilanga, nenyanga yema, abantu baze baziphindiselela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho encwadini yolungileyo, na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kwangathi wusuku lonke. Aluzange lube khona usuku olunjengalolo ngaphambi kwalo noma ngasemuva kwalo, lapho uSimakade alalela khona izwi lomuntu; wamlwela u-Israyeli.
UJoshuwa 10:7-14 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)
UJoshuwa wakhuphuka eGiligali, yena nawo onke amadoda empi kanye naye nawo onke amaqhawe anamandla. UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akuyikubakho muntu kubo oma phambi kwakho. UJoshuwa wafika kubo ngokuzumayo, wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke. UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda. Kwathi besabaleka phambi kuka-Israyeli besendleleni eya eBeti Horoni, uJehova waphonsa phezu kwabo amatshe amakhulu avela ezulwini kwaze kwaba se-Azeka, bafa; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngenkemba. UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori kubantwana bakwa-Israyeli, wathi phambi kwamehlo ka-Israyeli: “Langa, yima eGibeyoni; nawe nyanga esigodini sase-Ajaloni. Ilanga lama, nenyanga yahlala, abantu baze baziphindiselela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini encwadini kaJasheri na? Ilanga lema emkhathini wesibhakabhaka lingajahile ukutshona kwaze kwaba lusuku lonke. Alukho usuku olunjengalolo ngaphambi kwakhe nangemva kwalokho uJehova walilalela izwi lomuntu; ngokuba uJehova wamlwela u-Israyeli.