NgokukaLuka 18:4-5
NgokukaLuka 18:4-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kwaba yisikhathi engavumi; kepha ngasemuva wathi phakathi kwakhe: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu, nokho-ke ngokuba lo mfelokazi engikhathaza njalo, ngiyakumzwela, funa angizuke ngokufika njalonjalo.’ ”
NgokukaLuka 18:4-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwaba yisikhathi engavumi, kodwa ngasemuva wathi phakathi kwakhe: “Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, nginganaki muntu; nokho ngokuba lo mfelokazi engikhathaza, ngiyakumphindisela, funa angidinise ngokuza kwakhe njalo.
NgokukaLuka 18:4-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kwaba yisikhathi eside umehluleli engathandi. Kepha kamuva wadlinza, wathi: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, futhi ngingenandaba namuntu, kodwa-ke ngokuba lo mfelokazi ulokhu engibelesele, ngizakumenzela ubulungiswa, funa ekugcineni angicasule.’ ”
NgokukaLuka 18:4-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)