NgokukaLuka 4:5-8
NgokukaLuka 4:5-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana. USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami. Ngakho-ke wena, uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”
NgokukaLuka 4:5-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
USathane wayesemthatha wamyisa entabeni ende, wambonisa imibuso yonke yezwe ngokuphazima kweso. USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona. Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho. UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
NgokukaLuka 4:5-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USathane wamenyusela entabeni ende, wambonisa yonke imibuso yomhlaba ngomzuzwana nje. USathane wathi kuye: “Ngiyakukunika wonke lawa mandla nenkazimulo yawo, ngokuba kunikwe mina, futhi ngikunika noma ngubani ngokuthanda kwami. Ngakho-ke uma ukhuleka phambi kwami, konke kuzakuba ngokwakho.” UJesu waphendula, wathi kuye: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze Yena yedwa.’ ”
NgokukaLuka 4:5-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)