UMalaki 3:11-12
UMalaki 3:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla. “Zonke izizwe ziyakuthi kini nibusisiwe, ngokuba nina niyakuba yizwe elithokozisayo,” kusho uSimakade Wamabandla.
UMalaki 3:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti. “Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.
UMalaki 3:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyakumkhuza odlayo ngenxa yenu, angachithi izithelo zezwe lakini; futhi umvini wakho ngeke uthele izithelo zawo ensimini ngaphambi kwesikhathi saso, kusho uJehova Sebawoti. Zonke izizwe ziyakuthi nibusisiwe, ngokuba niyakuba yizwe elithandekayo,” usho uJehova Sebawoti.