NgokukaMathewu 10:39-42
NgokukaMathewu 10:39-42 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Othola ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, nolahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. Onamukela nina uyangamukela mina, nowamukela mina wemukela ongithumileyo. Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo. Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
NgokukaMathewu 10:39-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ofumana ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami, uyakukufumana. “Onamukelayo nina, uyangamukela Mina; nongamukelayo Mina, wamukela ongithumileyo. Owamukela umphrofethi ngokuba engumphrofethi, uyakuzuza umvuzo womphrofethi; nowamukela olungileyo ngokuba lowo elungile, uyakuzuza umvuzo wolungileyo. Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”
NgokukaMathewu 10:39-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ofumana ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana. “Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo. Owamukela umprofethi ngegama lomprofethi uyakuzuza umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngegama lolungileyo uyakuzuza umvuzo wolungileyo. Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”
NgokukaMathewu 10:39-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)