NgokukaMathewu 26:45-46 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
NgokukaMathewu 26:45-46 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Khona wafika kubafundi, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula; bhekani, ihora selisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe; bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
NgokukaMathewu 26:45-46 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Wayesephindela kubafundi, wathi kubo: “Namanje nisalele, niphumule. Phela ihora selisondele; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe; niyabona-ke, ongikhaphelayo useseduze.”
NgokukaMathewu 26:45-46 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani, sihambe; bhekani, useseduze ongikhaphelayo.
NgokukaMathewu 26:45-46 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)