NgokukaMathewu 6:25-33
NgokukaMathewu 6:25-33 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngalokho ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu, ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani; nomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kakukhulu yini kunokudla, nomzimba kunesambatho? Bhekani izinyoni zezulu, ngokuba azihlwanyeli, azivuni, azibutheli eziphaleni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anizincono kakhulu na? Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa ebukhulwini bakhe na? Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi; Kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Ngakho-ke, uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, futhi kusasa buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho ningakhathazeki nithi: Siyakudlani na? noma: Siyakuphuzani na? noma: Siyakwembatha ngani na? Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.
NgokukaMathewu 6:25-33 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngalokho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla, nomzimba kunesembatho na? Bhekani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni, nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Nina anizidluli yini kakhulu na? Ngubani phakathi kwenu okuthi ngokuzikhathaza kwakhe athasisele umzuzwana ebudeni bempilo yakhe na? “Kungani nikhathazeka ngokokwembatha na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi, kepha ngithi kini: noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayukunembathisa yini kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.
NgokukaMathewu 6:25-33 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na? Bukani izinyoni zezulu ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azibekeleli ezinqolobaneni; nokho uYihlo wasezulwini uyazondla. Nina kanizidluli kakhulu na? Ngumuphi kini ongelekela ebudeni bakhe ingalo ibe nye ngokukhathazeka na? “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, akayikunembathisa kakhulu nina eninokukholwa okuncane na? Ngakho-ke ningakhathazeki nithi: ‘Siyakudlani?’ noma: ‘Siyakuphuzani?’ noma: ‘Siyakwembathani na?’ Ngokuba konke lokhu abezizwe bayakufunisisa; ingani uYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyakudinga konke lokhu. Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
NgokukaMathewu 6:25-33 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)