NgokukaMarku 12:43-44
NgokukaMarku 12:43-44 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesebabiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubekile kakhulu kunabo bonke ababeke emphongolweni, ngokuba bonke babeka kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke anakho, konke abephila ngakho.”
NgokukaMarku 12:43-44 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wabizela kuye abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke abaphonse emnikelweni womnikelo; Ngokuba bonke baphonse kokuchichima kwabo; kepha yena ekusweleni kwakhe ubeke konke abenakho, konke abeziphilisa ngakho.
NgokukaMarku 12:43-44 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wayesebiza abafundi bakhe, wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: lo mfelokazi ompofu unikele kakhulu kunabo bonke abanikele emphongolweni, ngokuba bonke bacaphune kokuningi abanakho banikela, kodwa lo mfelokazi ekusweleni kwakhe, unikele ngakho konke anakho, konke abephila ngakho.”
NgokukaMarku 12:43-44 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)