I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

KuFilemoni 1:4-6 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo

KuFilemoni 1:4-6 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami, uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele, ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu

KuFilemoni 1:4-6 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo lapho ngiphatha igama lakho emkhulekweni wami, ngokuba ngiyezwa ngothando nokukholwa onakho eNkosini uJesu, nakubo bonke abangcwele. Ngikhulekela ukuba ukwabelana ngokholo lwakho kungaba nempumelelo lapho ubona konke okuhle esinakho kuKhristu.

KuFilemoni 1:4-6 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami; Ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele; ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.

KuFilemoni 1:4-6 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)