KwabaseFilipi 2:5-8
KwabaseFilipi 2:5-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Lomqondo kawube kini owawukuKristu Jesu; owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi ukulingana noNkulunkulu kungukuphanga; Kodwa wazenza ongeladumo, wathatha isimo senceku, waba ngomfanekiso wabantu; efunyenwe enesimo njengomuntu, wazithoba, waba ngolalelayo kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
KwabaseFilipi 2:5-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu, owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu. Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu. Wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
KwabaseFilipi 2:5-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.
KwabaseFilipi 2:5-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)